Maranatha Media - Zulu South Africa

Izincwajana

Injongo Yokuza KukaKrestu Emhlabeni

UKrestu waphakamisa isimilo sikaNkulunkulu, enikela kuye lonke udumo, nezibongo, kanti injongo yomsebenzi awuzela lapha emhlabeni-; ukubeka abantu endaweni yabo ngokubambulela uNkulunkulu. KuKrestu emi phambi kwabantu bekumi umusa nokuphelela okungena kuqhathaniswa okukaBaba. Emkhulekweni wakhe ngaphambi kokuba ebethelwe emthini, washo lamazwi, “Ngibonakalisile igama lakho.” “Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.” Uma injongo yokuza kwakhe emhlabeni eseyifezile,—ukwambula uNkulunkulu emhlabeni,—iNdodana kaNkulunkulu yamemezela ukuba umsebenzi wayo ubusufezekile, nokuthi isimilo sikaBaba besesibonakalisiwe kubantwana babantu.
{ST January 20, 1890, par. 9}

 

IPhethini kaNkulunkulu yokuphila

Amaphethini omhlaba awempilo asizungezile.

Avela kwiPhethini yokuqala kaNkulunkulu evela kuBaba, nge Ndodana kanti itholakala kuso sonke isigaba sokuphila.

Ilanga nenyanga, imbewu nes’hlahla, umzali nengane, inkosi nesizwe, iTestamente Elisha nelidala, iPhethini yomsukanomguduokuyisikhiye.

Kukhona iphethini emelana, nephikisana nalena ese yazibandakanya nezimpilo zabantu, nezingqondo nezinhliziyo zababusi nabaholi. Bonke sebasalelwe ukukhetha, impilo noma ukufa. IziBhalo ziyasikhuthaza ukuthi sikhethe (kahle)

Isililo SeSodoma neGomora

Ukubhujiswa kweSodoma neGomora yenye indaba eBhayibhelini emqoka esetshenziswa ngabantu ukuveza indlela uNkulunkulu abhubhisa ngayo bonke abanqaba ukuba ngaphansi kwakhe. Umlilo ovela ezulwini uqondwa njengoNkulunkulu uqobo lwakhe ethulula ulaka lwakhe ukuqeda izimpilo zalezo zoni ezikhohlakele kangaka ngangokuthi zingumthwalo futhi zinomthelela omubi ezweni.

Pho amazwi asengcwadini yeSambulo maqondana neSodoma achaza ukuthini?

Isam 11:8 Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho nenkosi yabo yabethelwa khona.

Kwenzeka kanjani ukuthi uKrestu wabethelwa eSodoma? Akusiwo yini amadoda akhohlakele abhujiswa eSodoma? Kungenzeka yini ukuthi iningi lethu sibambekile ogibeni oluthi uKrestu washaywa nguNkulunkulu walahlwa, yebo ngisho naseSodoma nanoma kunguKrestu uqobo owabethelwa khona?

“Nabo abamgwazayo.” Lamazwi awagcini ngokukhuluma ngalabo abamgwazayo uKrestu ngesikhathi elenga emthini waseKalvari, kodwa nangalabo abamgwaza namhlanje ngokukhuluma kabi ngabanye nalabo abenzakabi. Usuku nosuku amadoda namadodakazi amenzakabi ngokunqaba ukwenza intando yakhe. {ST, January 28, 1903 par. 8}

Lendaba ibalulekile ngoba iveza ngokusobala isibonelo salokho okuzokwenzeka emva kweminyaka engu-1000 ngoba phela iSodoma yahlushwa yezwa isijeziso somlilo ophakade. (ekaJude 1:7)

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu

Onayo iNdodana unokuphila. Kungani Lokhu kunje? Ngokuba eNdodaneni kaNkulunkulu kuhlala intliziyo ehlanzenzikile yeNdodana elalela uYise wayo. Uhleli njalo enza okuthokozisa uBaba. Iphinda ibe nesibusiso sikaBaba kanye nothando lwakhe olujulile. Intliziyo yeNdodana iphumula ngokuphelele othandweni likaYise

uThando lakuqala

Siyathemba ukuthi enhliziyweni zethu singabuya siphindele emuva

othandweni lwakuqala.