Maranatha Media - Zulu South Africa

Ingabe uNkulunkulu udlala yiphi indima ekwahluleni kokugcina?

aposiwe UNhlan 17, 2018 Ngu Adrian Ebens ku Ivangeli elingunaphakade
ihunyushwe ngu Tommy Omametse
1,154 Amahit

 

Posted Jul 17, 2018 by Adrian Ebens in Everlasting GospelHits: 119

Zihlobo ezithandekayo zase "Dial Daily Bread,"

Ingabe uNkulunkulu udlala yiphi indima ekwahluleni kokugcina? Nasekuphileni kwabantu kwansuku zonke? Omunye umuntu ulimele, noma omunye ushonile engozini yemoto: ingabe uNkulunkulu umisile yini wahlela lenhlekelele? Omunye uthola umdlavuza: ingabe nguNkulunkulu omnikeze wona? Ingabe uNkulunkulu kukhona akwenzayo ekwahluleni kokugcina njengejaji enkantolo – nokuthi isinqumo sakhe siyizwi lokugcina? Kafushane impendulo ejwayelekile ingukuthi, Yebo. Nguyena onamandla, kanti uma umuntu ezenza yena ohlakaniphile uzodla phansi. Nguye ijaji elkhulu enkantolo. Wena ungalokothi ubuze umbuzo.

Kodwa kunezinto ezishiwo nguJesu ekubonakala ngathi zinikela ngesinye isithombe esihluke kakhulu. Ngesibindi esikhulu wathi, “UYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela,… ngokuba iyiNdodana yomuntu." (John 5:22, 27). Uma uqonda akushilo kuyamangalisa: sonke sizokwahlulwa ngumuntu! (UbuNkulunkulu bukaKrestu abususi iqiniso lokuthi ungumuntu, ophelele nokuthi uzohlala engumuntu iphakade lonke.) Ngamanye amazwi, ijaji nomsizayo wakhe bangabangane bethu! Lena yinkantolo lapho khona kungehlulelwa kuphela ngokulunga kodwa nangomusa futhi.

Wase ephonsa elinye ibhomu uJesu ekufundeni kwethu ngoNkulunkulu uma ethi, “Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe” (12:47). Lokhu kubonakala ngathi ubizo lwe-altare oluvamiswe ukwenziwa linephutha: “Namhlanje uJesu unguMsindisi, nommeli wakho; kodwa uma ungeke uvume ukubhapathizwa, kusasa kwakusasa lokhu uzoba engumshushisi nomgwebi wakho!”

UJesu uveza sobala indlela lokhu kungena mqondo: Uma ukholwa kuye, khona-ke kuphela ezoba yijaji lakho, kanti uzokuqinisekisa! Kodwa uma ungakholwa kuye, naye uzonqaba ukukwahlula [noma akulahle]; ukwahlulelwa kwakho kuzoba ngoluthi “ixoxo nexoxo liyazigxumele” (vs. 48). Ekugcineni, ngisho noSathane uzoguqa evume ukulunga kokulahlwa kwakhe (Rev. 5:11-14). Iqiniso lizokusiza nezinkinga zakho zosuku nosuku. Uthando liyakuncenga hayi udlame nobudlova, “Buyiselana noNkulunkulu” (2 Cor. 5:14, 20).

--Robert J. Wieland

From the "Dial Daily Bread" Archive: June 26, 2000.
Copyright © 2018 by "Dial Daily Bread.