Maranatha Media - Zulu South Africa
Umbhali Adrian Ebens
shicilelwe UZiba 04, 2017
Ebhaliwe UZiba 04, 2017
Amadanlod 1,667

Onayo iNdodana unokuphila. Kungani Lokhu kunje? Ngokuba eNdodaneni kaNkulunkulu kuhlala intliziyo ehlanzenzikile yeNdodana elalela uYise wayo. Uhleli njalo enza okuthokozisa uBaba. Iphinda ibe nesibusiso sikaBaba kanye nothando lwakhe olujulile. Intliziyo yeNdodana iphumula ngokuphelele othandweni likaYise

Kungukuhlakanipha kukababa ukwabelana ngoMoya weNdodana yakhe ethandekayo nomhlaba wonke; uMoya omnadi, omnene nolalelayo, othanda umthetho kaBaba. UKrestu ungukuhlakanipha kukaNkulunkulu nesivikelo sombuso wakhe wothando, owobudlelwana.

LoMoya omnene ugeleza uphuma esihlalweni sikaNkulunkulu, udlula isihlala sokuphila. USatane wanqaba iNdodana kaNkulunkulu. Umoya wakhe owokulwa  wasuba nempi noMoya weNdodana kaNkulunkulu omnene, olalelayo nothobekile. Lomoya wokuhlanukela wadlulela eluntwini. Ngomnikelo kaKrestu siphinde sanikezwa loMoya omnene. Imfihlo yokwamukeliswa loMoya isekwazini ukuthi uBaba beneNdodana bayini -  ukuphila okuphakade yilokhu ukuba sazi uBaba neNdodana...