Maranatha Media - Zulu South Africa
shicilelwe - UMfuf 16, 2023
Amadanlod 54

Ezinye izinkulumo

български език Čeština English Français Deutsch 國語 नेपाली Polski Русский Español Kiswahili

Ukubhujiswa kweSodoma neGomora yenye indaba eBhayibhelini emqoka esetshenziswa ngabantu ukuveza indlela uNkulunkulu abhubhisa ngayo bonke abanqaba ukuba ngaphansi kwakhe. Umlilo ovela ezulwini uqondwa njengoNkulunkulu uqobo lwakhe ethulula ulaka lwakhe ukuqeda izimpilo zalezo zoni ezikhohlakele kangaka ngangokuthi zingumthwalo futhi zinomthelela omubi ezweni.

Pho amazwi asengcwadini yeSambulo maqondana neSodoma achaza ukuthini?

Isam 11:8 Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho nenkosi yabo yabethelwa khona.

Kwenzeka kanjani ukuthi uKrestu wabethelwa eSodoma? Akusiwo yini amadoda akhohlakele abhujiswa eSodoma? Kungenzeka yini ukuthi iningi lethu sibambekile ogibeni oluthi uKrestu washaywa nguNkulunkulu walahlwa, yebo ngisho naseSodoma nanoma kunguKrestu uqobo owabethelwa khona?

“Nabo abamgwazayo.” Lamazwi awagcini ngokukhuluma ngalabo abamgwazayo uKrestu ngesikhathi elenga emthini waseKalvari, kodwa nangalabo abamgwaza namhlanje ngokukhuluma kabi ngabanye nalabo abenzakabi. Usuku nosuku amadoda namadodakazi amenzakabi ngokunqaba ukwenza intando yakhe. {ST, January 28, 1903 par. 8}

Lendaba ibalulekile ngoba iveza ngokusobala isibonelo salokho okuzokwenzeka emva kweminyaka engu-1000 ngoba phela iSodoma yahlushwa yezwa isijeziso somlilo ophakade. (ekaJude 1:7)