Maranatha Media - Zulu South Africa

izincwadi

Agape

Ekujuleni kwethu sonke sinesifiso sokuthula, nesiqiniseko sokuthi sithandiwe. Uluntu lungasondela kanjani kulesi simo nenhloso ephakeme? Ngakho konke ukuthuthuka kwethu kwezethekinologi, umhlaba uya  ujula ngokukhohlakala nobudlwangudlwangu.

Impilo kaKhrestu owayehamba emhlabeni iminyaka engu-2000 edlule, isinikeza isibonelo sothando olungazicabangeli lona, olwaletha ukuthula kwabayizigidi zabantu. Kwiningi labantu, lesibonelo esihle sifihlakele noma sibhidliziwe yizindatshana eziningi esizifunda eBhayibhelini lapho uNkulunkulu uxhumana nabantu.

Izenzo ZikaNkulunkulu Wethu Omnene

Ukuthwasa okukhazimulayo kosuku olusha esimilweni sikaNkulunkulu

IZimpi Zemvelaphi

Izigidi zabantu zibhekene nokucindezeleka nsuku zonke. Isizathu sokuthi ziqhubekele phambili siba nzima nokuthi sibonwe, kanti ingi lifuna indlela yokuphuma. Imphumela emibi yokungabi yinto yalutho ivela ekuzihloleni kwethu ukuthi asikwazi ukwenza into ethile, noma ukuthi asamukelekile ebantwini abathile, nokuthi asiyinto yalutho. Izincwadi eziningi zokusiza abantu zizama ukubhekana nalokhu ngokuthi zikhuthaze ukuthi abantu bezithande, bezithengele izipho ezinhle, futhi bezitshele nokuthi babalulekile.

OThandiweyo Wami

Ngizwa iziga zakhe, inhliziyo yami iyagxuma igcwala ukulangazelela. Ngizwa izwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi. Linjengebhalisamu elimnandi emoyeni wami. Othandiweyo wami uyabiza. Ingabe ubiza igama lami ngempela? Ithemba elinje lifike njani na esifubeni sami? Uvela kuphi na lomcabango? Kungani ethande ukukhetha mina – leNkosi enamandla, iNdodana ethandekayo kaYise? Ngamaphuzu avela eThabanakelini, encwadini Yesihlabelelo seziHlabelelo kanye nasencwadini iPilgrim’s progress, silandela uhambo lwendoda idlula izinsalela, izilingo namahibe, ukuze ifumane, idayise konke, ithandane noJesu, ngishoyona iNdodana kaBaba