Maranatha Media - Zulu South Africa

Ukulungele yini ukuza kukaKrestu

aposiwe UMba 19, 2018 Ngu Adrian Ebens ku Ivangeli elingunaphakade
ihunyushwe ngu Tommy Omametse
1,344 Amahit

Ukulungele yini ukuza kukaKrestu? Ukungcweliswa kwangeqiniso ongokweVangeli

Posted Jan 26, 2015 by Adrian Ebens in Everlasting Gospel Hits: 8,647

Kungumbuzo olula nje okunxusela ukuthi ugcwalise umyalo kaPhawule.

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa. 2 Korinte 13:5

Umbuzo ungukunxuswa ukubona ukuba silitholile yini ethemba evangelini likaKrestu. Hayi ithemba lamanga elisithembisa ngezulu nanoma siqhubeka ngezithelo ezibi ezimelene nabanye bethu esingena kuziphendulela ngoba sizitshela ukuba thina sixolelwe. Kunalokhu ikhuluma ngethemba elisenza sikholwe ukuthi uMoya kaNkulunkulu odalayo ngokrestu ungakwazi ukusiguqula sibe njengaye uKrestu.

Ngakho-ke uma sivumela uMoya kaNkulunkulu usihlole njengesibane ekujulene komphefumulo, ingabe sinaso yini isibindi ngalolusuku olukhulu lokwahlulelwa noma sibona izinto eziningi ezimilweni zethu ezisenza nathi sikhale,

Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? AmaRom 7:24

Ingabe siyavuma ukuhamba sibe nalawa mava? Ingabe siyavuma ukwenzwa abampofu ngokomoya bese sikhale ukwenzela samukeliswe izibusiso ezimbili zakuqala okukhulunywa ngazo entabeni? (Mathewu 5:3,4)

Kunokuthi bazivumele bavezwe iningi lithi lizokudla isinkwa salo libuye ligcoke izingubo zalo bese libizwe ngegama elithi mKrestu ukususa ihlazo. Bonke abanjalo bazoku boshwa izinyawo nezandla bephonselwe ebumnyameni obungaphandle ngoba abayifunanga ingubo yomshado ngezinyembezi nangokuthobisa komphefumlo. Asiphili yini esikhathini sokubuyiswana sokugcina?

Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu." Lev 23:32

Manje ingabe uyavuma yini ukuvivinywa ngeZwi likaNkulunkulu? Uyavuma yini ukuba nesithombe sakho sithathwe uzibuke esibukweni somthetho wobukhosi, umthetho wenkululeko?

Njengoba i-athist idweba izici zobuso ephepheni, nakanjalo izici zezimilo zethu sonke zithathwa zilotshwe ezincwadini zasezulini. UNkulunkulu unesithombe sesimilo sawo wonke umuntu, kanti lesi sithombe usiqhathanisa nomthetho wakhe. Wambula emuntwini ngamunye iziphoso zakhe ezibhidliza impilo yakhe, embizele ekuphendukeni nokuthi eshiye izono. (ST July 31, 1901).

Mayibongwe iNkosi ngomthetho kaNkulunkulu! Umthetho kaNkulunkulu uphelele uguqula noma uvusa umphefumulo, ungumlayi wethu oligugu obangela ukuba sikhale sithi:

Nkulunkulu, ngihawukele mina soni. Luka 18:13

Uma sibuka isimo sethu esibucwayi, siyabona ukuthi alikho ithemba lokuthi singabuye silunge noNkulunkulu, umthwalo uyasisinda njengoba singabafokazi kuloluhambo, nemicabango yokwahlulelwa okuthile ipitsha umphefumulo. Umthetho uvalela bonke abamukela izimiso zeziBhalo singakwazi ukuphuma ngako imilomo yethu yonke ivinjwe.

Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu. AmaRom 3:19

Kodwa kungaso lesi sikhathi esibucayi lapho khona uMoya sewusiqondise ngesono, usiqondisa ngokulunga. Kumsindisi obethelwe novukile sithola ukulunga ngokukhululeka okungena ntambo neyodwa yesandla somuntu. Amasela amabili esiphambanweni aveza ukukhetha esinako. Singakhetha ukuba sikholwe sigone isethembiso sesithathu sasentshumayelweni yasentabeni sivume ubumnene bugeleze emphefumulweni yethu, kube khona ukusa kwethemba elisenza silambe, somele ukulunga, noma singakhetha ukungamukeli umthwalo wethu siqale ukuthuka uMsindisi ngokuthi “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” (Luka 23:39). Ukufisa insindiso ngaphandle kokufa; isifiso sokuzuza ukuphila ngaphandle kokulahlekelwa yikho kulethela ukulahlekelwa yimpilo ngempela.

Ngakho-ke indlela yokuphenduka yiyo indlela yevangeli. Njengokusho kwakhe ujesu ekuqaleni komsebenzi wakhe.

Maku 1:15 … phendukani, nikholwe yivangeli.

KunguMoya kaNkulunkulu oqondisa umuntu ngesono, nesimo esakhe esingenathemba umlethe eVangelini. Uma siphenduka ngomusa kaKrestu isicapha siyavuleka ukuthi sithembe ivangeli. Ingabe lokhu kuyinto enzeka Kanye ekuphileni? Ingabe umsebenzi wokuphenduka uyema uphele uma ivangeli lamukelwa?  God forbid!

UNkulunkulu uphe umuntu indlela yokuphila emthethweni wakhe. Uma ulalelwe, uzophila ngawo, ngemisebenzi emihle kaKrestu. Uma weqwa, unamandla wokulahla. Umthetho uthumela abantu kuKrestu, uKrestu abuye abakhombe emthethweni kwakhona. RH Sep 27, 1881

Uma besingavezelwa izimilo zethu ngesikhathi esisodwa besingaphela Amandla sishiye konke kodwa uMsindisi wethu oligugu akasigqilazi ngokusivezela konke ngesikhathi esinye kepha usinxusa kancane kancane ukuba siye naye eKhalvari, sife sibuye sivuke. Izwe sizolithatha kancane kancane.

Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe. Ekusoda 23:30

Manje-ke uMoya kaNkulunkulu ngomthetho uveza izimilo zethu kancane nokumele sikuguqule. Siyalethwa njalo kuKrestu evangelini ukuthola ikhambi lesifo sesimilo sethu. Injabulo yokuxolelwa isenza sikhale kanye noKrestu “O ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka” kanti uKrestu isikhomba emthethweni ukuze siboniswa siqondiswe ngenxenye elandelayo yezwe afisa ukuba asinqobele yona. Akudingeki ukuba sesabe iziqhwaga zezwe ngoba zingonodoli ebusweni beVangeli.

Impilo endala yokuba yisihambi nokungazani noNkulunkulu iphelile; impilo entsha yokubuyisana, yokholo, nothando seyiqalile. Bese "ukuze ukulunga komthetho kugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya." AmaRom 8:4. Nokuthi ulwimi olukhulunywa ngumphefumulo luba ngoluthi "Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo." AmaHubo 119:97

"Umthetho kaNkulunkulu uphelele uvusa umphefumulo" AmaHubo 19:7. Ngaphandle komthetho abantu abanalwazi noluncane ngokuhlanzeka nobungcwele bukaNkulunkulu nanoma-nje ulwazi lwecala nokungcola kwabo. Abanakwazi ukuba yini isono na, futhi bangezizwi befanele ukuphenduka. Kanti ngenxa yokungaboni isimo sokuduka kwabo njengabantu abeqa umthetho, ababoni siding segazi likaKrestu elibuyisanayo. Ithemba lokusindiswa liyamukelwa ngaphandle kwenguquko ejulile yenhliziyo noma kokuphenduka kokuphila. Ngalendlela-ke kugcwele ukuphenduka kwamanga, izixuku ziyamukelwa ebandleni ezingazange zihlangane noKrestu. {GC 468.1}

Ngaleyo ndlela-ke umthetho usebenzisana neVangeli ukugcizelela indlela insindiso yethu incike kuKrestu kuphela ngayo. Lendlela yomthetho osiletha kuKrestu naye esiphindisela emthethweni kungumsebenzi wokuNgcweliswa – okuchaza ukupheleliswa kwezimilo zabantu. Lomsebenzi ungoqhubekayo ngoba phela asikwazi ukuthatha izwe ngesinyathelo esisodwa, kwamele silithathe kancane kancane ngokulondolozwa yiNkosi.

Izifundiso zamanga zokungcweliswa ezivela ngoba sidele umthetho kaNkulunkulu nazo zigcwele emabandleni walezi zinsuku. Lezi zifundo zingezamanga futhi zibuye zibenengozi ngemiphumela wazo; kanti into eyokuthi zithandwa ngabantu abaningi, yenza kubaluleke kakhulu ukuthi umuntu aqonde kahle kamhlophe ukuba iziBhalo zithini ngalokhu.

Ukungcwelisa kweqiniso yimfundiso yeBhayibheli. UMphostile uPhawule encwadini yakhe yabaseThesolonika, uthi: "Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu.” Kanti ubuya athandaze: "Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo." 1 Thesolonika 4:3; 5:23. IBhayibheli licacile ekufundiseni kwalo ukuthi kuyini ukungcweliswa nokuthi kutholakala kanjani. UMsindisi uthandazele abafundi bakhe: " Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso." Johane 17:17. Kanti UPhawule ufundisa ukuthi amakholwa mele “angcweliswe ngoMoya ongcwele” AmaRoma 15:16. Ingabe yini na umsebenzi kaMoya oyingcwele? uJesu watshela abafundi wathi: "Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso.” Johane 16:13. Kanti Amahubo athi: "umthetho wakho uyiqiniso." Ngezwi nangoMoya kaNkulunkulu abantu bavulelwa izimiso ezinkulu zokulunga ezigoqelelwa emthethweni. Kanti futhi ngoba uMoya kaNkulunkulu “ungcwele, ulungile, futhi muhle,” uyiphetheni yokuphelela kukaNkulunkulu, kusobala kuyakhanya ukuthi isimilo esiyakheka ngokulalela nokulandela umthetho noma iphetheni enjalo sizoba ngcwele. UKrestu uyisibonela esiphelele sesimilo esinjalo. Uthi: "mina ngigcinile imiyalo kaBaba." "ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye." Johane 15:10; 8:29. Abalandeli bakaKrestu kumele befane naye – ngomusa kaNkulunkulu bakhe izimilo ezihambelana nezimiso womthetho wakhe. Naku ukungcweliswa ngokweBhayibheli. Lomsebenzi wenzeka nje ngokholo kuKrestu, ngamandla woMoya kaNkulunkulu ohlala ngaphakathi. UPhawule uxwayisa amakholwa: "fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini ukuthanda nokwenza njengentando yakhe." Filipi 2:12, 13. UMkrestu usazozwa ukubiza kwesono, kepha uzohlala esilwa naso njalo. Kulapha uncedo lukakrestu elidengeka khona. Ubuthakathaka bomuntu buhlanganiswa namadla kankulunkulu, ukholo lumemeze: "Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu." 1 Korinte 15:57. 

Izibhalo ziveza sobala ukuthi umsebenzi wokungcweliswa ungoqhubekayo. Uma isoni siguquka sithola ukuthula noNkulunkulu ngenxa yegazi lokubuyisana, kanti impilo yobuKrestu iyaqala. Manje sekumele “siqhubekele kokupheleleyo,” sikhulele “ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu, .” UPhawule uthi: "kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Krestu." Filipi 3:13, 14. Kanti uPetru ubeka phambi kwethu izinyathelo ezokuthola ukungcweliswa kwaseBhayibhelini: "ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando…uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.  2 Petru 1:5-10. {GC 469, 470}

Njengoba sifunda iBhayibheli, kakhulukazi uma sifunda ngobungcwele bomthetho kaNkulunkulu, inxenye kulo lonke iBhayibheli ekhulunywe yaze yalotshwa ngomunwe kaNkulunkulu, ngokuphindaphindiwe silethwa kukrestu. Ngokuphindaphindiwe sitholakala sithi “Nkosi ngihawukele mina soni

Kuso sonke isinyathelo esiqhubekayo senkambo yethu yobuKrestu ukuphenduka kwethu kuyangokujula. Sithola ukwazi ukuba amandla nokulunga kwethu kukuKrestu kuphela, kanti namava wompostile azoba ngawethu nathi: " Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, (ngisho enyameni yami), akuhlali lutho oluhle;" "Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Krestu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe." AmaRoma 7:18; Galathiya 6:14. {AA 561.2}  

Lena yindlela encane ekumele sihambe ngayo. Kunemisele macala womabili wendlela. Olunye uhlangothi luthi masiqhubeke esonweni ukuze kwande umusa kanti olunye uhlangothi luthi ngoba sifakaza ukuba sithanda umthetho kaNkulunkulu, ukuthi kuyekufike isikhathi lapho khona ngobuwula bethu sithi “konke elushoyo iNkosi sizokwenza” yonke indoda ezigabisa ngomthetho iziqathanise namanye amadoda angakwazi ukugcina umthetho njengoba ikwenza yona, iwile emuseni.

AmaRoma 2:17 Kepha uma uthiwa ungumJuda, wethemba umthetho, uzibonga ngoNkulunkulu, wazi intando yakhe, ukhetha okungcono, ungofundisiwe emithethweni, … (23) Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na? (24) Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe. (25) Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.  Ngaphandle kukaKrestu, umthetho awunamandla wokuguqula umuntu. Kunento eyodwa umthetho owayiphelelisa. Ngisuse izwi elalengeziwe ukuze ifundeke ngendlela efanele.

lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu. AmaHeb 7:19

Umthetho uphelelise ukulethwa kwethemba elincono, okungalo sisondela kuNkulunkulu. Ungumlayi ovusa umphefumulo ukuze ubone isimo sawo esingenathemba nakancane kusishukumisela ukuba sivuke sihambe endlini kaBaba wethu lapho sithola khona izingubo zensindiso sigcokiswe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula. Efesu 6:15

Ngakho-ke uma sizwa umthetho uduma emphefumlweni wethu kubangela ukuba sithuthumele ngokwesaba, masingancengi abanye abalamleli kodwa size kuye mlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu, singesabi. Vumele ukuba umthetho ukulethe kuKrestu ukwenzela upheleliswe kuye. Vumela lomsebenzi uqhubeke ujule emphefumlweni wakho ukwenzela ukuba uqhubeke ubone ubuze bomphefumulo wakho ngesikhathi esifanayo ubone izimanga zomusa kaNkulunkulu. Njengoba sibona umusa esenzwelwe wona, nathi sizotshengisa umusa nakwabanye, samukeliswa isibusiso esilandelayo eNtshumayelweni yaseNtabeni. (Mathewu 5:7). Ukuhlanzeka kokulunga kukaJesu kuzobonakala kithina, kanti ngempela sizoba yizithunywa zokuthula ngokuletha ukuthula uma simemezela kubantu uba babuyisane noNkulunkulu. Ukuthi uNkulunkulu akamelene nathi nokuthi udonga olusehlukanisayo lubhidliziwe ukuze sikwazi ukuba nesabelo kumbuso ka-Israyeli, sibe ngabantwana baka-Abrahamu.

Labo abahamba ngalendlela bazozingelwa ngenxa yokulunga.  Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.  USathane uzama ukubhidliza ubudlelwane obukhona Phakathi komthetho nevangeli, obungubudlelwane obufana nobukaBaba neNdodana. Izwe lamaProthestani lonke lithi masikhohlwe nje ngomthetho, sizikhuthaze ngethemba eliyize elokuthi ukungcweliswa yinto enzeka ngesikhathi esisodwa kanye, noma ngethemba elithi ekubalulekanga futhi akudingeki ukungcweliswa. Bakhala ngephimbo eliphezulu bathi kude ngoBaba nomthetho wakhe. AmaJuda, amaSulumane namanye amaKrestu azifunela ukulunga ngemisebenzi yomthetho bona bathi kude ngoKrestu, siphe umthetho! Bonke abanjalo bazilethela isiqalekiso ngiba lithi, “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” Galathiya 3:10. Wonke ozofuna ukusinda ngomthetho uzofa ngaphansi kwesiqalekiso sawo ngoba akekho ongawugcina umthetho ngaphandle kukaKrestu.

Abaziqamba amaKrestu manje akhala athi, uKrestu! uKrestu ungukulunga kwethu, kodwa kude ngomthetho wakhe. Bakhulume benze kwangathi inhloso kaKrestu emhlabeni owile kwakunguku chitha umthetho. Ingabe lokho kwakungena kwenzeka ngaphandle kokuba othandekayo kaYise eze lapha emhlabeni, ezwe usizi, ukuhlupheka, nokufa okuhlazisayo kwesiphambani? Abefundisi bashumayela ukuthi ivangeli lanikela ngemvume yokweqa umthetho kaNkulunkulu, nokwona, bese kubatshazwe umusa ovela ngoKrestu ngenxa yevangeli, ngesikhathi esifanayo bedelela umthetho kaNkulunkulu.

Balahlela kude ukuvimbela komthetho, banikelezele ekufiseni kwabo okukhohlakele nasekukhuthazeni kwenhliziyo engaphendukile, bese benqobe ngomusa wevangeli. UKrestu ukhuluma ngabanjalo: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.”  Iyini intando kaBaba? Ukuthi sigcine imithetho yakhe. UKrestu, ukuze egcizelele intando kaBaba osezulwini, waba ngumbhali wezimiso nemithetho eyanikwa ebantwaneni bakaNkulunkulu ngoMose. AmaKrestu aphakamisa uKrestu, kodwa abuye amenze emelane nomthetho owanikwa amaJuda, enza uKrestu emelane noKrestu. {RH, May 6, 1875}

Ngakho-ke namhlanje njongoba uzihlolisisa ekukhanyeni komthetho ongcwele kaNkulunkulu, ingabe uyakubona ukungapheleli kwakho nobuthakathaka bakho yini? Likhona  Ibhalisamu kwaGileyadi! Uyabona yini njengokuqhubeka usondela nesimilo sakho sivela nokukhohlakala kwaso ngamandla? Kukhona ukuxolelwa egazini lewundlu! Yamukela isigwebo somthetho. Ungasebenzisi ivangeli ukweqa ucingo. Ngena ngesango elincane. Ngena ngesango lokuphenduka bese ivangeli lizokuqinisa likuphe amandla. Ungenzi uKrestu emelane noKrestu, umtshele ukuthi, “Angina ndaba ngezono zami, uJesu uxolela konke ngakho angidingi kukhathazeka ngalutho.” Lena yinkohliso. Kuphela ngokuphenduka singasho ukuthi awusadingeki ukhathazeka ngezono zakho. Indlela yeqiniso iseduze  neyenkohliso. Enye iyisa ekuphileni kanti enye iyisa ekufeni, enye iyisa entabeni yaseSiyoni kanti enye iya enqabeni yokungabaza.

Njengomuntu ogwetshwe ngumthetho, thola ukuthula nokwelapheka komphefumulo ezingalweni zikaJesu. Injabulo yokuxolelwa ilinganiswa ngokuzisola kwakho ngezono zakho. Oxolelwe kancane uthanda kancane naye. (Luka 7:47). Ngokwandisa izono zethu, umthetho ubuye usikhombe umthombo ogelezayo, lapho kugcwele ukuhlanzwa nokuxolelwa kwezono.

Ingabe ubenemicabango yini namhlanje emelene nezihlobo nabangane bakho? Ingabe ukewaba nemizwa yenzondo kulabo abakuzwise ubuhlungu besazi noma bengazi? Ingabe ukewazihawukela wazenelisa ngokudla okunganamsoco? Noma ngomculo ongafanele? Noma ngefilimu ebangela ukuba kuvuke imicabango nezenzo ezincolisa umphefumulo yini? Vumela umthetho wenze umsebenzi wawo kuwe. Vumela uMoya kaNkulunkulu ukulethe kuKrestu lapho kutholakala khona ukwelashwa kwalezi zinto, uhambe esethembisweni sikaJesu. Kholwa izwi:

Nami angikulahli; hamba, ungabe usona. Johane 8:11

ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya. AmaRom 8:4