Maranatha Media - Zulu South Africa
Umbhali Adrian Ebens
shicilelwe UMas 16, 2020
Ebhaliwe UMas 16, 2020
Amadanlod 1,491

Ekujuleni kwethu sonke sinesifiso sokuthula, nesiqiniseko sokuthi sithandiwe. Uluntu lungasondela kanjani kulesi simo nenhloso ephakeme? Ngakho konke ukuthuthuka kwethu kwezethekinologi, umhlaba uya  ujula ngokukhohlakala nobudlwangudlwangu.

Impilo kaKhrestu owayehamba emhlabeni iminyaka engu-2000 edlule, isinikeza isibonelo sothando olungazicabangeli lona, olwaletha ukuthula kwabayizigidi zabantu. Kwiningi labantu, lesibonelo esihle sifihlakele noma sibhidliziwe yizindatshana eziningi esizifunda eBhayibhelini lapho uNkulunkulu uxhumana nabantu.

Ngesinye isikhathi uNkulunkulu uvela enendluzula nobudlwangudlwangu, enikeza izwi lokuba kubulawe hhayi amabutho wezitha kuphela kodwa nezingane zawo, ngisho zezisancela. IBhayibheli liveza ukuba unolaka nentukuthelo. Ngaphezu kwalokhu ukufa kwesiphambano kuncoliswe yimicabango ethi uNkulunkulu ubiza ukufa kwalabo abeqa umthetho wakhe.

Kulabo abalithandayo izwi likaNkulunkulu, ukuphikisana nomahluko walezi zinchazelo zikaNkulunkulu eBhayibhelini nempilo kaKhrestu sekwaphendula amanye amazwi akhulunywa nguJesu abenzima kakhulu ukuwaxazulula. Nokho, ngesinye isikhathi esibaluleke kakhulu, uJesu ekhuluma nomunye wabafundi bakhe wathi, “Ongibonile mina, ubonile uBaba.”

Lokhu kwenzeka kanjani na? Kuyiqiniso yini ukuba uNkulunkulu ogcwele isihe nomusa, nothando njengoba eveziwe empilweni kaJesu? Ingabe lenxushunxushu ingaxazululwa yini sibe sihamba eqinisweni kweBhayibheli? Esandleni sakho uphethe isithumbululi-nkinga salamasithesithe.