8. Kungani kwayalezwa ukuba izoni zikhandwe Ngamatshe?

aposiwe UNhla 06, 2019 Ngu Adrian Ebens ku Ivangeli elingunaphakade Amahit: 5
ihunyushwe ngu Tommy Omametse

8. Kungani kwayalezwa ukuba izoni zikhandwe Ngamatshe?

Ukumelana nokuthwala isiphambano sokuzidela okwabafundi kwadala isifiso sokubulala amaSamariya ayenobugovu. Ukumelana okufanayo okwakuhlezi nasezinhliziyweni zabaholi bamaJuda kwenza befise ukubulala uJesu. Amajuda asebenzisa amandla amakhulu ezama ukumthiya emazwini ayewasho nasemisebenzini ayeyenza, ukwenzela bethi ungumkhohlisi, ebulawe. Enye yamahibe ayebekelwe uJesu ichazwa evangelini likaJohane:

Ekuseni kakhulu wabuya weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa. (3) kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga, kwathi sebembeke phakathi kwabo, (4) Bathi kuye: Mfundisi lowesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. (5) Emthethweni uMose wasiyala ngabanje  ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na? NgokukaJohane 8:2-5

KubaFarisi, leli kwakuyihibe elaliphelele ngempela. Uma uJesu ezozama ukusindisa lowesifazane ekufeni, babezothi uphula umthetho kaMose. Kanti uma emehlulela emgweba ngokufa babezomsola kubabusi bamaRoma njengesivukela-mbuso. UJesu wayeseshilo ukuthi wayengazanga ukuchitha mthetho nabaprofethi, nokuthi akukho nachashaza elilodwa elalizosuswa kuwo umthetho. UMose wayebhalile emthethweni ukuthi:

Uma umuntu ephinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa. Levitikusi 20:10

Bobabili niyakubakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamantshe baze bafe. Intombi ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho. IDutheronomi 22:24

Lowesifazane wayebanjwe esoqotsheni lokuphinga. Ngokomthetho kwakumele ekhandwe ngamatshe afe. Wayesephonselwe ezinyaweni zomniki-mthetho ukwenzela enikele ngesigwebo sakhe. Kubalulekile ukuba sikhumbule ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yiyona eyanika u-Israyeli umthetho entabeni yase-Sinayi.

Pho umthetho wanikelwa ukuba wenzeni na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okuyiyo okwenziwa isethembiso kuyo; kanti wamiswa yizingelosi esandleni somlamuleli. Galathiya 3:19

Ngokuba kukhona uNkulunkulu oyedwa, nomlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu. 1 Thimothewu 2:5

UJesu, njengezwi likaNkulunkulu, wayenguye owakhuluma lemiyalo “awuzukuphinga.” Manje ngoba owesifazane wayesezinyaweni zakhe, abamangaleli bakhe babelindele ukubona abezokwenza. UJesu wakhothamela phansi waqala ukubhala, kubonakala sengathi uyabaziba. Wayesekhuluma nabo wathi:

Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe. NgokukaJohane 8:7

Lomusho uthathekisa kakhulu, kanti uvele ubhamuze indlela yokuqonda yabaFarisi, noma ke ababeyisebenzisa. Lena kwakungasiyo into ababembhekelele ukuba engayisho. Kodwa uJesu wayevele wabanika isimiso esifanayo esasinikezwe uMose ngesinye isikhathi kwakukhona esinye isehlakalo esasidinga ukukhanda ngamatshe omunye owayethuke wahlambalaza uNkulunkulu.

Ohlambalaza igama likaJehova, uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma owokuzalwa ekhaya uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaJehova. (17) Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa. Levitikus 24:16-17

Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngincwele. Levitikus 19:2

Ingabe kuqhubekani lana? Umuntu ohlambalaza igama likaJehova uzokhandwa ngamatshe abulawe, kodwa ozobulala omunye kuzomele ebulawe naye. Kanti uma umuntu ekhanda omunye ngamatshe aze afe ingabe lokhu akubalwa yini njengokubulala? Umuntu onjalo akafanele yini wukubulawa naye? Ingabe lokhu singakuxhumanisa nomqondo owawulethwa nguJesu ngesikhathi ethi yilowo kuphela ongcwele nongenasono olungele ukubulala omunye umuntu. NguJesu kuphela owayengenasono, ingabe yena wenzanjani na?

Ngesikhathi ebhala othulini olwaluphansi ethabanakelini, wayeveza ukuthi okwakulotshwe emthethweni kwakumele kuqondwe kanjani ngokomoya. Uma indoda yayicabanga ukuthi umkayo uphingile, ibizomletha phambi kompristi ukudlulisa umthetho omaqondana neskhwele.

Umphristi uyakumsondeza, ammise phambi kukaJehova. (17) Umphristi uyothatha amanzi angcwele esitsheni sebumba, kanye nothuli oluphansi ethabanakelini. Uyakuluthatha alufake emanzini, (18) umphristi uyommisa owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, abeke umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele; kuthi esandleni somphristi kube namanzi ababayo aletha isiqalekiso. (19) Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso, (20) Kodwa uma uphambukile usephansi kwendoda yakho, futhi uzingcolisile, walala nenye indoda engesiye umyeni wakho,” (21) umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “UJehova makakwenze isiqalekiso ngesifungo sesiqalekiso kwabakini, uJehova ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho; (22) lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!” (23) “’Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo. Numeri 5:16-23

Lamadoda ayebambe lowesifazane kuso isenzo sokuphinga ayemhehile, wabeka ihibe ukumbamba. Ngesikhathi uJesu ebhala phansi othulini, uMoya ongcwele (obonakaliswa ngamanzi) waqondisa lamadoda ezinhliziyweni zawo ezadala ukuthi izisu zabo zivuvuke, namathanga awo washwabana ngesikhathi eqondiswa ezonweni zawo. Babenesikhwele kuKrestu kanti sasibedla ngaphakathi. Njengokusho kweHubo:

Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke. AmaHubo 32:3

Kunokuthi bevume izono zabo bethethelelwe, lamadoda avele ahamba ngokuthula ezithwalele amacala abo awaletha ukuwohloka emathanjeni.

Wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: mama baphi abamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na? (11) Wayesithi akekho Nkosi. UJesu wathi kuye, nami angikulahli, hamba, ungabe usona. NgokukaJohane 8:10-11

Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe athwale imbewu.  Numeri 5:28

UJesu wazithethelela zonke izono zalowesifazane; wakususa konke okwakulotshiwe egameni lakhe ngamanzi ababayo ayezowaphuza esiphambanweni, ngakho wayengasangcolanga. Wayekhululekile ukuhamba, kanti wayethwele nembewu yeqiniso; waveza uMoya kaJesu enhliziyweni yakhe.

Ngesikhathi uJesu etshela abaFarisi “Lowo ongenasono phakathi kwenu, makabe ngowokuqala ozophonsa itshe kuye,” wabiza isigwebo sokufa phezu kwakhe. Akazama ukushabalalisa icala elalimelene naye. Waqinisekisa ukuthi icala limile vele, kanti nowesifazane wayezobona ukuthi wayezofa. Ngokubhala kwakhe phansi, uJesu wakhumbuza abaFarisi ukuthi nabo babenezabo izono, nabo bahamba. Ngesikhathi sebehambe bonke abamangaleli balowesifazane, umniki-mthetho wambuza ukuthi babekuphi abamangaleli bakhe. Watshengisa ukuthi bahambile, ngakho indaba yakhe ibisezandleni zomniki-mthetho ngokugcwele. Wathi “nami angikulahli,” hamba ungabe usona. Umniki-mthetho wasitshengisa indlela ayefisa ukusebenzisa umthetho ukunikeza umusa. Uma wayevela wenza sengathi owesifazane wayengena cala, wayengazubona isidingo sakhe somusa; ngakho wabiza isigwebo sokufa ukuze enikele ngomusa. Nansi inhloso ephelele yomthetho. Umthetho uhleso ukusiletha kuKrestu ukuze sibizwe ngabalungisiswe ngokholo. Galathiya 3:24.

Kuyadabukisa ukucabanga ukuthi abaholi bamaJuda babekholwa ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu ukuthi lowesifazane ekhandwe ngamatshe afe. Asifisi ukuhlala isikhathi eside kuleli qiniso. Uma umbuso wawungaphathwanga ngamaRoma, lamadoda wayezokhululeka ukushiqilela umthetho ngendlela ababefisa ngayo, babezothatha amatshe bekhande owesifazane ngawo. Lokhu bakwenza ngoStefani.

Bese bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye, (58) bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu. (59) UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: Nkosi Jesu, yamukela umoya wami. Izenzo 7:57-59

Lamadoda wayekholelwa kuNkulunkulu owayezimisele ukujezisa zonke izoni ngokuzikhanda ngamatshe zizezife. Ungamcabanga yini lowesifazane esephohlozwa ngamatshe ekhanda, ewela phansi elimele? Uma sekuqediwe ngalomonakalo, kwakuzoba nesidumbu esiqambalale phansi esigcwele negazi, kuyisixwayiso kuwowonke umuntu ukuthi uNkulunkulu akadlali futhi ungalokothi; uma wona uzokhokhela ngempilo yakho. Ingabe lesithombe senza ugcwale ngothando ngaphakathi ngaloNkulunkulu onjena?  Uyafisa yini ukuthokoza njalo phambi komuntu onjalo ochoba izoni njengamaphela angenamsebenzi?

Kungani umthetho kaMose uyaleza ukuba abantu bekhandwe ngamatshe na? Umthetho uveza isimilo sikaNkulunkulu. Uma kunguNkulunkulu owayaleza lomthetho, ingabe lokhu akusho yini ukuthi wayefuna ukuthi kufakwe ukuze kusetshenziswe ngesikhathi sekudingeka? Kunesimiso esibaluleke kakhulu ekumele sicabange ngaso njengokusho kukaJesu.

Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. (2) Ngoba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. NgokukaMathewu 7:1-2

UBaba wethu osezulwini umisile uhlelo oluzovumela ukuba abantu behlulelwe njengalokhu befuna ukuzahlulela bona. Masibuke ukuba umkhuba wokukhanda abantu ngamatshe wavela kuphi vele. EBhayibhelini nansi indawo esithola kwenzeka ibanga lokuqala.

Kepha uMose wathi: “Akunakwenzeka lokho, ngokuba imihlatshelo esizoyethula kuJehova uNkulunkulu wethu ingokunengekayo kwabaseGibhithe. Singahlaba yini okunengekayo kwabaseGibhithe, sizesikhandwe ngamatshe pho? Eksodusi 8:26

Ukukhandwa kwabantu ngamatshe kwakungumkhuba waseGibhithe. Lena yindlela ababenza ngayo uma umuntu eqa umthetho wonkulunkulu babo. Esinye sezizathu u-Israyeli ayefisa ukuya ehlane sasingesokuthi lemihlatshelo ibizobangenengekayo kwabaseGibhithe, ngoba ingonkulunkulu kubo. Kungenzeka ukuba inkosi uFaro wayenolwazi lokuthi uma u-Israyeli wayezokwenza imihlatshelo ezweni laseGibhithe, kwakuzodala ukuba ekhandwe ngamatshe ngabahlali. Ukuveza ukuthi nangempela no-Israyeli wawuthatha lomkhuba kubonakaliswa ngalokhu ababefisa ukukwenza kuMose.

UMose wakhala kuJehova, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.” Eksodusi 17:4

Ngesikhathi uKhalebu noJoshuwa benxusa abantu ukuthi behambe belithathe izwe, impendulo eyavela ebantwini yayisithi mabakhandwe ngamatshe.

Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelozwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elivame ubisi noju. (9) Kodwa ningahlubuki kuJehova, ningabesabi abantu balelozwe. Bayofana nesinkwa kithi, siyozigwazela ibhece nje; isivikelo sabo sisukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi. Ningabesabi.” (10) Kodwa yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana. Numeri 14:8-10

Uma uNkulunkulu wayengalamulanga, babezokwenza. Manje kungani uNkulunkulu evumele ukuba lomkhuba waseGibhithe wokukhanda abantu ngamatshe ufakwe emthethweni ka-Israyeli?

Ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise. (25) Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo; Hezekieli 20:24-25

Lezahlulelo nezimiso ezokukhanda abantu ngamatshe zazingekho zinhle neze, kanti zaziyisijeziso esafakwa njengesandiso somthetho, esasizojezisa ukweqa komthetho. Akusiyo into enhle neze ukukhandwa ngamatshe uze ufe! Lezi zijeziso zazivumelana nemiqondo ababenayo njengesahlulelo sokweqa umthetho, futhi kwakubuyiseleka ukucabanga kwabo kanye nemikhuba ababeyifunde kwabaseGibhithe. UJesu uyichaza ngalendlela:

Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga. (22) Wathi kuyo: Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena-nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumuntu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga: NgokukaLuka 19:21-22

Abantwana bakwa-Israyeli babekholwa ukuba uNkulunkulu wayengumuntu olukhuni. Ngesikhathi bebona inkazimulo yakhe, yabonakala njengomlilo odlayo.

Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli. Eksodusi 24:17

Khumbula ukuthi kwakungu-Israyeli uqobo lwakhe owathatha umkhuba wokukhanda abantu abeqa umthetho ngamatshe. Ngesikhathi u-Israyeli enquma ukukhanda uMose ku-Eksodusi 17:4, wayeveza umoya wokwahlulela ngaphandle komusa. Lithi iBhayibheli:

Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni. Jakobe 2:13

Ngoba u-Israyeli akabonisanga isihawu ekwahluleleni kwakhe, indlela yakhe yokwahlulela yabuyiseleka phezu kwakhe. Bakhetha ukukholwa ukuthi uNkulunkulu wayefuna ukubabulala ehlane, kanti nabo babefisa ukukhanda uMose ngamatshe. UNkulunkulu akahlekwa, kanti ngoba u-Israyeli wayehlwanyele lembewu wayezovuna isivuno. Ngokuqonda uNkulunkulu kwakhe, u-Israyeli waziqalekisa wazinqumela ukuba efe ehlane ngomlomo wakhe.

U-Israyeli uvalo lwakhe lokuthi uNkulunkulu uzombulalela ehlane waluveza ephinda-phinda:

Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba egibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenza yona ngokusikhipha eGibhithe na? Eksodusi 14:11

Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala. Eksodusi 16:3

Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela ezweni laseGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane. (3) UJehova usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kwakungengcono yini kithi ukuba siphindele eGibhithe?” iNumeri 14:2-3

Njalo-ke ngokwahlulela kwabo bamukeliswa ukwahlulelwa:

UJehova wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: (27) “Koze kubenini lenhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami. (28) Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uJehova, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami. (29) Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami … iNumeri 14:26-29

Ngesikhathi sikaKrestu, siyabona ukuthi abaFarisi babecwila ohlelweni labo lokwahlulela, okuluhlelo lokhokho abaluthola kwabaseGibhithe. Loluhlelo luveza uvalo ababehlezi benalo njalo nobugqili obadaleka ngenxa yalo.

Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? (5) Bazindlisana bodwa, bathi: uma sithi ezulwini, uzakuthi: anikholwanga nguye ngani na? (6) Kepha uma sithi: Kubantu, abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi. (7) Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona. NgokukaLuka 20:4-7

Kuyabonakala ukuthi nanoma u-Israyeli wayephumile eGibhithe, iGibhithe alizange laphuma ku-Israyeli. AbaFarisi babephila emhlabeni ogcwele isijeziso, ulaka, ukuziphindisela, benezici zonke zikaFaro, induna yokubasebenzisa. Lomoya wawuyisithelo sokuqonda kwabo isimilo sikaNkulunkulu. sesiyisonga, unkulunkulu ababekhuleka kuye wayefana nqo! noFaro. Ngesikhathi isizwe sakwa-Israyeli sasisabumbwka, uNkulunkulu wavumela ukuthi imicabango nezizindlo zabo zifakwe emthethweni. Kodwa kuza kanjani ukuthi uNkulunkulu evumele ukuba umthetho wakhe onakaliswe yizizindlo ezikhohlakele zabantu na? Kungukuthi inhloso yomthetho ngeyokuletha ukuqondiseka nokukholwa ukuthi umuntu wonile ukwenzela ukuba uNkulunkulu emenzele isihawu.

Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi. KwabaseRoma 5:20

UBaba wethu osezulwini wayengavumela nanoma ngesiphi isijeziso esasizofakwa emthethweni Wakhe; ngoba phela nanoma yiphi indlela yokufa yayizomiswa injongo kwakungeyokuthi anikele ngomusa kulabo ababezowucela. Siyakhumbula ukuthi uthini uMbhalo maqondana nesimilo nesimo sikaNkulunkulu:

UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “UJehova, uJehova uNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka… Eksodusi 34:6

Bongani uJehova ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade. AmaHubo 107:1

UNkulunkuli hlezi enomusa nesihe futhi kuyisifiso sakhe ukuthi enzele abantu umusa. Umusa uphela noma uvalwa uma abantu benqaba ukukholelwa kuwo bekhetha ukujeziswa noma ukulahlwa. Ngabantu abaphoqelela ukuthi umusa uvalwe, bayazifihla kuwo ngoba befuna ukukholwa ukuba uNkulunkulu unjengabo. Bafisa ukukholwa ukuba uNkulunkulu ujikela abantu ebaqothule uma bengasamthokozisi. Uma lokhu kwakuliqiniso akuna kwenzeka ukuthi “umusa kaJehova umi ingunaphakade”. Sizokhumbula ukuthi ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu, ngoba uzikhethele yena. Lesi yiso isizathu indoda eyathuka uNkulunkulu iye yakhandwa ngamatshe ngaphandle kokwenzelwa isihawu.

Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli noyise ongowaseGibhithe yaphuma yaya phakathi kwabakwa-Israyeli… (11) Yahlambalaza igama likaJehova, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. (Unina waleyo ndodana kwakungu Shelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwe sakwaDani) (12) Bayifaka etilongweni kuze kuphume isinqumo sikaJehova ukuthi benzenjani ngayo. (13) UJehova wakhuluma kuMose wathi: (14) Mkhipheleni ngaphandle kwekamu lowo muntu othile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe. Levitikusi 24:11-14

UJehova wanikela ngesinqumo sokubulala u-Israyeli ayezimisele sona ngenxa yokuzibandakanya nezindlela zokujezisa ukuhlambalaza nokuqalekisa onkulunkulu baseGibhithe. UYise wayefisile ukuba lendoda ithole ukuqonda nokukholwa ukuthi nangempela yonile futhi kwakumele ibulawe, injongo yokuveza lokhu kwakungeyokuthi yenzelwe umusa. Siyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso ngenxa yamazwi akhulunywa ngumniki-mthetho uqobo lwakhe:

Ngalokho ngithi kini: lonke uhlobo lwesono nokuhlambalaza kuzothethelelwa ebantwini kepha ukuhlambalaza uMoya oNgcwele akuyikuthethelelwa muntu. NgokukaMathewu 12:31

UJesu wayethe zonke izono ziyathethelelwa ngaphandle kwesisodwa – ukuhlambalaza uMoya oNgcwele. UMoya oNgcwele usebenza onembezeni bethu usincenge ukuba siphenduke sicele intethelelo nomusa. Indoda ezophikelela ngokwenqaba ukulalela leliphimbo elimcenga ukuthi ephenduke ayizuacele ukwenzelwa umusa, ngakho uzokwahlulelwa ajeziswe ngendlela enqumiwe yamiswa ngabantu abakubo. Uma nje lendoda ekuLevitikusi 24 yayicele ukwenzelwa umusa, yayizowufumana. Yona yahlambalaza uMoya oNgcwele owawumcenga ukuba ephenduke ngoba uBaba wethu engafuni kubhubhe noyedwa kithi. Ngeshwa wavimbela lelophimbo, ngakho-ke wafa ngenxa yokukholwa kwakhe okuthi uNkulunkulu wayengeke emthethelele.

Bangaki phakathi kwethu abangathatha amatshe bekhande izingane ngoba zingaphenduki ezonweni zazo? Lomcabango mubi ngendlela eyokuthi angikwazi nokuwuchaza. Kodwa iningi labantu licabanga ukuthi yilokhu uYise osezulwini ayekufuna kubantwana bakwa-Israyeli. Bangaki abantu abase balala emathuneni abo benobutha ngoNkulunkulu ababecabanga ukuthi kwakungumqondo wakhe wokukhanda izoni ngamatshe? Amakhrestu amaningi namhlanje abonga uNkulunkulu ukuthi izinto ziphendukile eTestamendeni elisha, kodwa lokhu akuguquli iqiniso elithi bayakukholwa lokhu ngoNkulunkulu eTestemendeni elidala. Siyakhunjuzwa futhi ukuthi uJesu uthe akazelanga ukususa nokushintsha nanoma yiphi ingxenye yomthetho noma iTestamende elidala. Umtetho usanesibopho, kodwa njengalokhu sesifundile, uYise osezulwini wayengafisanga kubulawe muntu. Ufisa sengathi wonke umuntu engenzelwa umusa.

Kungumthandazo wami ukuthi uzomvulela inhliziyo yakho. Ukuthanda kakhulu. Akazange wabanesifiso sokukulimaza noma ekubulale ngenxa yezono zakho. Ufisa sazi ukuthi izono zethu ziyasibhubhisa nokuthi singacela umusa nangasiphi isikhathi. Uma sewunolwazi lokuthi uNkulunkulu akakuthukuthelanga, nokuthi uyakuthanda ngempela, usungagijimela kuye uvume zonke izono zakho ubenesiqiniseko sokuthi uzokuxolela kuzo zonke. Njengalokhu eshilo noJesu kowesifazane owayebanjwe ephinga – “nami angikulahli, hamba ungabi sona.”

Ngeshwa bonke abanqaba ukwamukela iqiniso elithi uNkulunkulu ubathanda ngempela, nokuthi uhlezi njalo efisa ukubenzela umusa, abanjalo abazukuwuthola umusa; ngoba bekholwa uNkulunkulu ongena musa kwizoni, ngakho ithemba lokwamukela intethelelo bayalilahla. Njengo Kayine bathi – “icala lami likhulu kunokuthi lingathethelelwa.”

Ngoba beluzondile ulwazi, abakukhethanga ukumesaba uJehova: (30) abafunanga kuzwa ngokweluleka kwami; bakudelela konke ukukhuza kwami. (31) Ngakho-ke bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo. (32) Ngoba ukuphambuka kwabangena lwazi kuzobabulala, nokuchuma kweziwula kuzobabhubhusa. IZaga 1:29-32

Mamela ilizwi likaJehova ukholwe yilo:

UJehova wabonakala kimi wathi: Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngakho-ke ngomusa ngikudonsile. UJeremiya 31:3

Wozani manje, ake sithethe indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; nakuba zisosatini ziyakuba njengoboya.  U-Isaya 1:18

…yena alesule alikhiphe ngamanzi ababayo. UNumeri 5:23