Uyise wamanga

aposiwe - UMfuf 29, 2018 Ngu Tommy Omametse ku Ivangeli elingunaphakade

1.UYise wamanga

Posted Oct 29, 2018 by Tommy Makhura in Ivangeli elingunaphakade

Siyakhumbula ukuthi uSathane wanquma ukuthi uma uNkulunkulu engamvumeli ukubanamandla, namalungelo weNdodana kaNkulunkulu, wayezokwenza isinqumo sokukhonza kuphela unkulunkulu onamandla ngokwakhe, angawaphiwe muntu. UNkulunkulu sekenqabile ukwamukela ‘lezinguquko’ zikaSathane, uSathane wazithola esesimeni lapho khona kwakumele evume ukuba ukuphila kwakhe wayekuthola kuYise nanoma engafuni ukwazisa nokuhlonipha indawo eyigumbi yeNdodana. [Johane 5:23]

Yayingekho indlela uSathane wayengamisa umbuso wakhe ngayo ngezimiso zakhe, kwakumele evume njalo ukuthi wonke amandla avela kuNkulunkulu. Ngakho-ke, weza NGAMANGA AMAKHULU. Wathi ‘wonke umuntu unokuphila ngaphakathi kuye.’ Kwakukhona izindlela ezimbalwa ezokukholwa ngalendlela. Ubungakholwa ukuthi uhleli ngunaphakade nokuthi ukungafi kuyimfanelo yemvelo ekusosonke isidalwa. Ubungakholwa ukuthi impilo ingumoya kuphela futhi wonke-umuntu uxhumane nawo, angayisebenzise nanomakanjan. Noma ungakholwa kuNkulunkulu okunika isipho sempilo engapheli ukwenzela ukuthi ayisebenzise ngamandla nangemikhono yakheyonke anayo. Akunandaba ukuthi umuntu ukhetha yiphi indlela, uma nje ukholwa ukuthi unomsuka nomthombo wokuphila ongowakho. Lawa ngamanga amakhulu kunawo wonke. Njengalokhu washo noJesu

Johane 8:44 Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanukho zikayihlo. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukuluma okungokwakhe, Lokhu engumqambimanga noyise wawo.

UNkulunkulu wayengaphelisa amanga onke zisasuka ngokuvumela bonke abaphika iNdodana bebhubhe, kodwa iNdodana yaqhubeka ngokubanika ukuphila nanoma sekubuhlungu kuye. Ukwenzela umhlaba ubone imisebenzi yamanga, iNdodana kaNkulunkulu kwakumele ithwale izingelosi ezawa, iqhubeke izabele ukuphila nanoma zifisa ukumbulala nokumchitha. Njengoba uSathane nezingelosi zakhe bamphika uJesu, abasamukelanga umoya wokwethemba nokulalela ngokuthobeka, otholakala kuye kuphela. Bazibethela ngokwabo iNdodana kaNkulunkulu [emoyeni ngokuba uNkulunkulu unguMoya] esimilweni nasemoyeni, kusenjalo uNkulunkulu waqhubeka ngokubanika amandla okuphila ukwenzela uSathane ebenesikhathi sokubonakalisa imfundiso yakhe, ukwenzela umhlaba ukethe ukuthi ngubani owazindlela esilungele sonke. Njengoba besesichazile ngaphambilini, kwakukhona izindleko zokuvumela ukuthi uSathane aphile nanoma ayenqabe uNkulunkulu (nokuphila kwakhe okwakuseNdodaneni). Lokhu kwabiza ukuthi omunye efe ukwenzela aphile uSathane, lona yiNdodana kaNkulunkulu. USathane wayengumbulali kwasekuqaleni; wadala ukufa kweNdodana ngokwenqabela nokumelana noNkulunkulu. Konke lokhu kwakwenzeka engqondweni kaSathane ngakho uNkulunkulu wavumela ukuthi okwakusengqondweni kubonakaliswe ngezenzo, kwambulelwe wonke umuntu abone okwakuqhubeka. Kwakungasiyo inhloso kaNkulunkulu ukuthi lesambulo senzeke emhlabeni wethu kodwa ngeshwa-ke, sekwaba njalo.