Ukulinyazwa nokuhlukunyezwa kukaKrestu okwanamhlanje,

aposiwe - UMfuf 22, 2015 Ngu Adrian Ebens ku Ivangeli elingunaphakade

Ukulinyazwa nokuhlukunyezwa kukaKrestu okwanamhlanje

http://maranathamedia.com/images/articles/first-angel/CarryCross.jpg

Ezikhathini eziningi ezidlule uma ngicabanga ngokuhlushwa kukaKrestu esiphambanweni, nenhliziyo yam idabuka ngenxa yosizi ngaye owahlushwa kangaka ngenxa yethu, bengiziduduza ngokuthi manje sekuncono ngoba sekephephile usezulwini akasaphinde ahlukumezeke ahlushwe futhi lana emhlabeni.

IBhayibheli likhuluma ngokufa kwakhe kanye ukuhlanzwa izono zethu.

Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa. (23) Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena. (24) Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, (25) kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele unyaka ngonyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe; (26) uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. (27) Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa, (28) kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa. AmaHeb 9:22-28 

IBhayibheli liyachaza ukuthi uKrestu wanikelwa kanye ukuze echithe igazi lakhe ngenxa yethu. Loku kumelene nemfundiso yebandla lamaRoma elithi igazi nomzimba kaKrestu kunikelwa amabanga angabayizigidi umhlaba jikelele kwiMase yamaKatholika. Ukuhlukunyezwa nokubulalwa komzimba kaKrestu kwenzeka kanye esenyameni. Njengoba wayesifa esiphambanweni uKrestu, igama elithi isiphambano lixhumene ekuhlushweni nokufa kwakhe. Uma sikhuluma ngesiphambano, imicabango yethu iyadonseleka kulesa sambulo esimangalisayo sikaNkulunkulu ekufeni kweNdodana yakhe.

Kunombuzo obalulekile okumele siwubuze mayelana ngokuhlupheka kwesiphambano. Ingabe kwakungukushaywa, nezipikili ezadala ubuhlungu nosizo lukaKrestu esiphambanweni na? Ingabe kwakungukushaywa kwakhe nokuhluthulwa kwentshebe yakhe okwamlethela losizi?

Kwakungasikho ubuhlungu nohlazo lwesiphambano okwabangela usizo olungachazeki. Ukrestu wayeyinkosana yabahluphekayo; kodwa ukuhlupheka kwakhe kwakuvela ekuqondeni ububi besono, ulwazi umuntu wayengena kulibona nokulazi, ngenxa yokuphuphuthekiswa kwakhe ngookuzijwayeza ububi. UKrestu wabona ukujula kwesono enhliziyweni yomuntu, wabona ukuthi bayincosana ababezovuma ukukhululwa emandleni aso. Esazi ukuthi ngaphandle kokusizwa nguNkulunkulu, uluntu kuzomele lilahlwe, wabona izinkulungwane zibhubha ziseduze kangaka kunosizo olwalukhona.  {DA 752.4} 

Usizi lwesiphambano kuKrestu lwalubangelwa ngukubona ububi besono; amandla esono ukugqilaza nokuqinisa inhliziyo yomuntu nokuyibulala ekugcineni. Usizi lwakhe lwaluvela ekutheni ebone ukuthi nanoma eseduze kangaka nabalahleki kusenjalo abaningi babezonqaba ukusindiswa.

Umbuzo obalululekile ekumele siwubuze futhi ngokuthi. Ingabe usizi olungachazeki lokuhlushwa kukaKrestu ngokubona ububi besono nesiphelo sezoni luphelela esikhashaneni sakhe esiphambanweni sokhuni na? Ingabe uKrestu akaluzwi losizi namanje yini?

Heb 6:6  babuye bahlubuka — akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala. 

 Njengomunye wethu, kumele ethwale  umthwalo wecala nosizi lwethu. Ongena sono kumele ezwe ihlazo lesono. Ongumthandi wokuthula sekumele ehlale nokuxabana, iqiniso lihlale namanga ndawonye, ukuhlanzeke kuhlale ndawonye nokubi. Sonke isono, konke ukungazwani, konke ukufisa okungcolisa umphefumulo okweza ngokweqa umthetho, kulethela ukuhlukumezeka eMoyeni wakhe. Kwakumele ehambe yedwa kulendlela, ethwale umthwalo yedwa. Kuloyo owashiya lonke udumo lwakhe ukuze ethwale ubuthakathaka bomuntu, emahlombe akhe insindiso yezwe yayincikile. Wakubona konke, wakuzwa konke, kepha inhloso yakhe yema njalo. Insindiso yesizwe esiwile yayincike engalweni yakhe, wolula isandla sakhe ukubambelela Othandweni olugamandla-onke.  {DA 111.5}

Ngaso sonke isono uJesu ulimala kabusha; kanti njengoba simbuka esamugwazayo, siyakhala ngezono ezaletha usizi phezukwakhe. Ukukhala okunje kudala ukushiya sonke isono.  {DA 300.3} 

UKrestu uzwa ubuhlungu bawonke umuntu osezinhlungwini. Uma imimoya emibi ihlukumeza umzimba womuntu, uKrestu ukuzwa konke loku. Ngesikhathi umkhulhwane ushisa ukuphila emuntwini, uKrestu ufikelwa lusizi. DA 823

Ingabe singakwazi yini ukuqonda ukuhlushwa kukaKrestu? Kwenzeka yini ukucabanga usizi lwakhe ngisho namanje? Njengoba uKrestu ebheka insizwa igqilazwa yizidakamizwa notshwala, elangazela kangaka ukumsiza, lensizwa iphenduka ikhetha ukubambelela ekuzibhujisweni kwayo, asimboni yini uMsindisi enosizo olukhulu, enesifiso, elangazelela ukusindisa kodwa naku uyanqtshelwa. Intshebe yakhe iyahluthulwa kanti uyaxoshwa emphefumlweni ukwenzela ukuthi eqhubeke ngokuzibhidliza. UMoya kaJesu unesifiso sokungena ngokuthula ezinhliziyweni zamadoda ahleli eTaveni egqilazeka etshwaleni, ebeke amanye amadoda kumabonakude enqubana ngamakhanda, eqinisa izinhliziyo zabo. Uyancenga ukuba bephenduke ebugovini babo, ukuba behambe beyonakekela imindeni yabo, bechithe imali zabo ezintweni ezinenzuzo. Amanye amadoda aqhubeka ngokuthenga esinye isiphuzo, atshele ngezinye indaba ezihlekisayo, baphele ngokuhleka, kanjalo uKrestu uyashaywa, uyakhahlelwa exoshwe emphefumlweni walamadoda.

Ingabe siyazi kuzwakala kanjani ukugudluzelwa eceleni, sinyathelwe, sithufelwe ngamathe? Singaqhubeka yini ukuqhubeka sizithoba sizinikela ekuphathweni okunjanlo? Ngaso sonke isikhathi uma sizama ukwelula isandla sihlambalazeke, sigcwele ngosizi. Ukwenza njani loku? Uqhubeka njani nabantu abamphathi ngalendlela? Ubusuku nemini ezama ukubafinyelela, ebiza, ebancenga kodwa enqatshelwa ngaso sonke isikhathi. Ezweni likamoya, uyashaywa, uyakhahlelwa, nomqhele wameva ubekwa ekhanda, ushaywa ngenduku, uyenziwa enhlekisa. Igama lakhe kuyahlekiswa ngalo, kanti ngokuthula uyazinikela uyazithoba kukho konke loku. Ukubekezela kanjani konke lokhu?

Uyazidela. Nali iqiniso ngesiphambano.

 Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Mathewu 16:24 

nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.. Mathewu 10:38 

Qhapelisisa ukuthi uKrestu indaba namava wesiphambano akashongo ukuba agcina ngaye, noma ngesenzakalo esisodwa. Ukuhlupheka kukaKrestu okwenzeka kanye enyameni, kwakuyisibonakaliso somusa salokho uKrestu akuzwayo ubsuku nemini. Ukuhlala njalo enqatshelwa, eshaywa, shlambalazwa.

Ngokuqonda leliqiniso, u-Isaya umporofeti wevangeli wabhala ngokuhlushwa kukaKrestu iminyaka engamakhulu ayiskhombisa (700) ngaphambi kokuthi ezalwe, ubhala ngalezi zinto kwangathi zazenzekile, futhi zenzeka nangesikhathi sakhe.

Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, wahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. . Isa 53:3-4 

Ngo 700 BC uKrestu wayeyindoda eyazi ubuhlungu eyazi ukugula. Njengoba abantu babefihla obabo ubuso kuye, bephenduka kuye ngokunyonya, nokuthukuthela, nokwesaba, uKrestu wezwa ubuhlungu walinyazwa eMoyeni. Ingabe uKrestu waqala nini ukuba namava anje na?

 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala. Isa 63:9 

UKrestu uthwele uluntu zonke izinsuku zakuqala. Wahlushwa kusekala ezinsukwini zika-Adamu. Ebheke u-Adamu no-Eve bedla isithelo, bekhetha ukuxosha uMoya wakhe kubo, washaywa walinyazwa enhliziyweni yakhe. Yingakho lithi iBhayibheli:

Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Isambulo 13:8 

Igama elithi hlatshwiweyo lichaza ukuhlinzwa. Inhliziyo kaKrestu yahlinzwa ngokumangalisayo seloku kwasekelwa umhlaba. Leqiniso, elikade lisemfihlakaleni, lingenakubonwa ezweni, lambulelwa thina sonke iminyaka engangezigidi ezimbili ezidlule, ukuze sibone siqonde lokho uKrestu adlula kukho, kanti njalo aqhubeka edlula kukho kuze kube namanje. Siyazi ukuthi kwadlula isikhathi eside umthetho kaNkulunkulu ungabhaliwe phansi kusukelwa kwadalwa umhlaba kodwa siyazi ukuthi wawukhona. Nakanjalo imbewu yesiphambano sikaKrestu yayikhona kusekelwa umhlaba kodwa yabonakala ngamehlo iminyaka eyi-2000 edlule. Usizi lwewundlu elahlatshwa njengomnikelo ngu-Adamu entsimini, kanye nomndeni wakhe alugcinanga ngokukhomba phambili ukufa nokuhlupheka kukaKrestu okwakuseza emva kweminyaka eyizigidi ezine kodwa lwalukhomba nokuhlupheka kukaKrestu ngalesosikhathi khona phakathi entsimini

 

Ingabe siyaqala yini ukuqonda ukujula, ububanzi, ukudepha, ukuphakama kwesiphambano? Ingabe siyaqala ukuqonda ubukhulu bokuhlupheka kukaKrestu ngenxa yethu? Singaqonda yini ukujula kokubhalwa nguPhawule uma ethi:

Ngibethelwa noKrestu akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa kweNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.  Gal 2:20 

Ubengasho kanjani uPhawule ukuthi ubethelwe noKrestu ngemva kweminyaka engangamashumi amabili emva kokubethelwa kukaKrestu? Kungoba uhlanganyela ezinhluphekweni zakhe.

ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe. Filip 3:10 

Uma uKrestu ehlala kithi, sizwa akuzwayo ngokulahlekelwa kwakhe, sizwa ingqondo nenhliziyo yakhe nezinhlupheko zakhe, siyakhuthazeka ngokuzidela kwakhe okudalwa luthando lwakhe olungacabangi okwalo.

Kepha naka okunye okujulile emazwini wesiphorofetho.

Kwakungasikho ubuhlungu nohlazo lwesiphambano okwabangela usizo olungachazeki. Ukrestu wayeyinkosana yabahluphekayo; DA 752

Uma Ukrestu eyinkosana yabahluphekayo ngubani iNkosi yabahluphekayo eyazidela ngokuphelele yahlupheka ngendlela engenakuchazeka ngokunikela ngeNdodana yayo ngenxa yethu na?

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa kuyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Johane 3:16

UJesu uqinisekisa abafundi bakhe ngokuba uNkulunkulu uyabakhathalela kuzidingo abanazo nobuthakathaka bao. Not a sigh is breathed, akukho buhlungu esibuzwayo, akukho size olugwaza umphefumulo, okungezwa nguNkulunkulu, kukho konke inhliziyo yakhe iyashukuma.  {DA 356.2}

Izinhlupheko zikaKrestu zingukubonakala kwezinhlupheko ezinkulu ezingenakubonwa ezivela enhliziyweni kaNkunkulunkulu. Ngiyavuma, ngifikelwa lusizi enhliziyweni yami uma ngicabanga ngoBaba wethu. Uma ngicabanga ngezinhlupheko zakhe zonke ngezwe elimzondayo elingamthandi, ngizwa ngibanothando ngaye. Uthando lukaNkulunkulu luyangidonsa kanti ngiyazinikela ngokuphelele kulo; wo! amandla wothando lwangempela.

Ngiyathanda ukuthi nawe ubone indlela isiphambano siguqula izinhliziyo zabantu; isambulo sokuzinikela nokuqhubekela ulula isandla ukufinyelela abantu besilisa nabesifazane. Ukuxoshwa nokuhlambalazwa nsuku zonke kodwa kusenjalo uYise neNdodana bazidela njalo, babekezele uhlazo beqhubeka njalo ngokuncenga, nokunxusa, kuze kube amathuba wokugcina.

Siyazi ukuthi sonke isono, sibangela izinhlungu ezingaka kuNkosi uJesu, ingabe sizophendukela kuye yini sizizuzele uthando lwakhe olokuzidela? kanti uma sesinjalo uma besihlambalaza noma besibandlulula, sizobonakalisa ngoMoya wakhe singaziphindiseli, singagcwali ukuzihawukela siphenduke sihambe ngokudineka noma sidikibalise.

Uma ngibheka isiphambano ngalendlela, ngizwa isimo sobubi bami. Kuqala ukuthwasa engqondweni ukuthi inkinga enginayo eka ’mina’ ijule kangakanani. Ukukhanya kokuzidela kwakhe kukhanyisa isibane esimeni sami sokuzithanda kanti intando yami iqala ukuphenduka. Ngifisa ukuba njengoMsindisi, ngifisa ukungazihawukeli nokufuna ukuzivikela; nginesifiso sokuthanda njengoba ethanda naye kanti ekuqondeni kwami ukuchithwa kwegazi lakhe kanye, ngibambelela esiqinisekweni sokuthi izono zami zixolelwe nokuthi sengamukeliswe noMoya wakhe. Hallelujah!

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, kulabo abahamba ngokoMoya hayi ngokwenyama. AmaRom 8:1