ngalo lolo suku - IPhasika nesivumelwano sokuthula

aposiwe UMba 16, 2018 Ngu Adrian Ebens ku ISabatha

Ngalo lolo suku - IPhasika nesivumelwano sokuthula

Namhlanje ngizithole ngicabanga ngokubaluleka kwalamavesi ku-Ekusodu 12

Exo 12:41   Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.

Exo 12:51  Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.

Kungani lawa mavesi aze asho lephuzu kabili? U-Israyeli waphuma eGibithe ngalo lolo suku. Kusobala ukuthi umbuzo uzothi luluphi lolo suku?

Kepha njengezinkanyezi ezihamba emgwaqeni wazo omisiwe, izinjongo zikaNkulunkulu azikwazi ukusheshisa futhi azkwazi kulibali. Ngezifanekiselo zobumnyama obukhulu neziko elithunqayo, uNkulunkulu waveza ku-Abrahamu ubugqila buka-Israyeli eGibithe, washo nokuthi uzoba ngumfokazi iminyaka engamakhulu amane. Wathi “emvakwaloko, uyakuphuma anempahla eningi.” Genesise 15:14. Ukumelana nalawa mazwi kukaFaro namandla wombuso wakhe wonke kwaba yize. “ngalo lolo suku” elalimiswe esithembisweni sikaNkulunkulu, “kwathi amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.” Kanjalo futhi enhlanganweni yaseZulwini ihola lokuza kukaKrestu lwalumisiwe. Uma iwashi elikhulu  likhomba lelo hola, uJesu wazalwa eBethlehem. {Maranatha 9.3}  Exodus 12:41. {DA 32.1}

Manje emuva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, ngalo lolo suku, ngonyaka uNkulunkulu ayeyenze isivumelwano no-Abrahamu, abantwana bakwa-Israyeli bakhululwa ebugqileni babo eGibithe, ngemva kokufa kwamazibulo waseGibithe.

UJehova wamisa umkhosi wePhasika ngalo lolosuku ayenza ngalo isivumelwano no-Abrahamu. Kwaku yilolo suku u-Abrahamu wayebambe ukulunga kukaNkulunkulu ngokholo.

Exo 12:14  “ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade. .

Exo 12:42  Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.

Ingabe kwenza umqondo ukubeka usuku lwePasika kulo lolo suku uNkulunkulu athembisa ngalo u-Abrahamu ukuba wayezokhulula abantwana bakhe?

Gen 15:13-14  Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. (14) Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 

Kunezinto ezimbalwa ezayenzeka ngalolu suku.

  1. U-Abrahamu wakholwa isethembiso sikaNkulunkulu sembewu. Gen 15:6
  2. U-Abrahamu wathenjiswa izwe, ukuba uzokudla ifa. Gen 15:7
  3. Umhlatshela wanikelwa, ukuhlukaniswa kweminikelo Gen 15:9,10
  4. Wehlelwa luvalo lobumnyama obukhulu u-Abrahamu, walala ubuthongo obunzima. Gen 15;12

Umnikelo owenzwa ngesikhathi sika-Abrahamu kwakuyisikhombiso somnikelo kaKrestu owawuzokwenzeka ngalo lolo suku mhlazan uMesiya wayezonikelwa. Uma uNkulunkulu ezoqiniseka kangaka ngesikhathi lapho:

  1. UNkulunkulu enza isivumelwano no-Abrahamu.
  2. UNkulunkulu wakhulula u-Israyeli eGibithe, wamisa nomkhosi wePhasika
  3. Unkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ebuthunjini bomhlaba

Ingabe lesikhathi esifanayo singaxhumana nesikhathi uKrestu waba yiwundlu elahlatshwa kusuka ekusekelweni komhlaba? Uma uNkulunkulu wayefuna ukuba kukhunjulwe isivumelwano esayenzwa no-Abrahamu iminyaka engamakhulu amane namshumi amathathu, ingabe kungenzeka ukuba efise ukuba kukhunjulwe isivumelwano sokuthula asenzayo neNdodana yakhe kusukela ekusekelweni komhlaba? Siyazi ukuba uBaba wethu wenza zonke izinto ngokohlelo nangokuqonda (1 Cor 14:40). Nguye omisa izizwe zonke wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo (Acts 17:26). Kungenzeka yini ukuba angafisa ukuthi kube nesikhumbuzo sesikhathi lapho khona Yena neNdodana yakhe benza isivumelwano njengoba enza no-Abrahamu? Uma iziko elithunqayo (uBaba) nesibane esivuthayo (iNdodana) badlula phakathi kweminikelo eyayinikelwe, ingabe babexoxisana bekhumbuzana ibanga lakuqala benza isinqumo sokwenza lomnikelo?

Uma siqhubeka sicabanga kancane, uma labo abakholwa kuKrestu bengabantwana baka-Abrahamu, ingabe kungenzeka yini ukuba labo bantwana bakhumbule usuku ubaba walolokholo walitshengisa yini? Kucacile ukuba lolu luba lusuku ulubaluleke ngempela ukuba lukhunjulwe. Manje-ke uma lomkhosi wePassover wavela ngalo lolosuku u-Abrahamu wavuma ukukholwa kwakhe ezethembisweni zikaNkulunkulu, kungeyenzeki yini ukuba loku kube yingqikithi yalomkhosi? Kungenzeki yini ukuba loku kube yisikhumbuzo esiphathekayo somhlangano wokuthula ophakathi kukaBaba neNdodana?

Zec 6:13  Yebo, yena uyakulakha ithempeli likaJehova, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’ .

Kulomhlangano uKrestu wanikelwa eluntwini. Ikusasa lakhe laba linye nelethu.

Ngempilo nangokufa kwakhe, uKrestu uzuze okungaphezu kokubuyisa okwakulahleke ngenxa yesono. Kwakuyinjongo kaSathane ukuletha ukulahlwa nokuhlukana ukungunaphakade komuntu kuNkulunkulu; kodwa kuKrestu siba ngabasondelene noNkulunkulu kangaka kunaphambilini singekawi. Ngokuthatha imvelo yethu, uMsindisi uzibophele eluntwini ngesibopho esingasena kuyohlukaniswa. Kuyoze kube ingunaphakade uzohleli exhumene nathi. “UNkulunkulu walithanda kangaka izwe, uze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe iyodwa.” Johane 3:16. Wamnikela, hayi ukuba ethwale izono zethu kuphela, nokuba efe endaweni yethu; wamnikela esizweni esasiwile. Ukusiqinisekisa ngokungaguquki nokungaphenduki kwesivumelwano sokuthula, uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuze ibe ngenye noma yinxenye yomndeni wabantu, kuze kube phakade ihlale ngemvelo yabantu. Lesi siyisifungo sokuthi uNkulunkulu uzoligcina izwi lakhe. “kithina ingane izelwe, kithi indodana inikelwe: kanti nombuso uzoba phezu kwamahlombe akhe.” UNkulunkulu wamukele imvelo yoluntu  eNdodaneni yakhe, wangena nayo lemvelo kweliphakeme izulu. KuyiNdodana “yomuntu” ehleli esihlalweni sokubusa somhlaba. Kuyindodana “yomuntu” negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula." Isaya 9:6.

Ingabe lesehlakalo asifanele ukukhunjulwa? Ngokukhumbula lomkhosi ngesikhathi esithile onyakeni, ngisho nelanga, inyanga nezinkanyezi zibonakala zibuthana emkhathini ngalesi sikhathi. Ingabe umhlabeleli wakuqonda lokhu uma wayebhala ukuthi:

Psa 148:3  Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.

Psa 19:1  Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.

Psa 50:6 Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela 

Psa 97:6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. 

Psa 104:19 Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi; ilanga liyazi ukushona kwalo.

Jer 8:7 Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

 

http://i.kinja-img.com/gawker-media/image/upload/s--IU7Ypdqw--/c_fit,fl_progressive,q_80,w_636/tmdqsialtcyta77aedih.jpg

Ingabe sibona obunye ubufakazi besikhumbuzo sisekhathi esanikezwa ukuba yincazelo yalokhu? Qaphela isikhumbuzo seSabatha. Ekuqaleni losuku lwalumiswe ukuba yisikhumbuzo sokudalwa kwamazulu nomhlaba.

Exo 20:11  ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.

Kepha usuku olufanayo lwakhuliswa ukugoqelela isikhumbuzo sokukhululwa kuka-Isayeli eGibithe.

Deu 5:15  Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha. 

Uma u-Israyeli wayelahlekelwe ludumo njengesizwe emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi ayishiyagalolunye (490), ingabe iSabatha lalahlekelwa yinkazimulo noma yisisindo njengesikhumbuzo sokukhululwa eGibithe ngoba ingena musho kwinkolo yamaKrestu? God forbid! Isikhumbuza sakuqala esendalo ngokususwa kwesizwe samaJuda.

Manje-ke nanoma kuthiwa:

Umkhosi wezwelonke lamaJuda wadlula unomphela, DA 652

Isikhumbuzo sesivumelwano no-Abrahamu ngalo-lolosuku asisukanga ngoba uma singabakaKrestu siyinzalo ka-Abrahamu, sizindlalifa ngokwesithembiso (Gal 3:29).  Ingabe angeke kube kuhle yini uma ilanga, nenyanga nezinkanyezi zimile emkhathini ezindaweni zazo zifakaza ngesivumelwano no-Abrahamu nathi sibonakale sibuthana ndawonye sidumisa uNkulunkulu ngenxa yesivumelwano sokuthula? Ingabe lokhu angeke kube yisikhathi esifanele lapho khona iNdodana kaNkulunkulu yanikelwa kubantu ukuthi ibenjenganathi, ibe yinxenye yethu kuze kube ephakadeni? Mina ngiyafisa ukusikhumbula lesi sikhathi. Kuyiqiniso ukuthi singacabanga ngalesisipho ngaso sonke isikhathi, kepha ukwenzela ukuthi lomqondo ukhuliswe ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu kudingeka ukuba kube nezikhathi ezimisiwe ezokubathana ndawonye sighube umkhosi. Ukuze sikwenze loku, sonke sifanele size entabeni yomhlangano, hayi ngasekugcineni kwasenyakatho njengokufisa kukaSathane kodwa ngaseningizimu noma phansi esigodini sokuthobeka, sibheke phezulu ngothando kuBaba wethu neNdodana yakhe.

Manje-ke siyabona ukuthi umkhosi wePhaseka usabalulekile nakithi nanamhlanje njengesikhumbuzo sesivumelwano sikaNkulunkulu no-Abrahamu, ngoba lesi yisikhumbuzo sesivumelwano saphakade.

Isivumelwano
phakathi
kukaBaba neNdodana

Isivumelwano
phakathi
kukaBaba no-Abrahamu

umhlatshelo
wePhasika
nokukhululwa

Umnikelo
      waseKhalvari

                                                                        ^——— engaphakathi ————^

                ^-——————————————— engaphandle (ilink) —————————————^

Ingabe uzocabanga ngokuhlanganyela nabanye ngolo lolosuku njengoba u-Abrahamu ekhulume noNkulunkulu, wamukele isivumelwano saphakade? Ingabe loku kungaba yisibusiso? Mina ngilangazelela lolosuku lwe14 enyangeni yakuqala enyakeni u-Abib ukukhumbula lesisikhathi, ngilangazelela ukuba kulomkhosi mhlazana uKrestu ezophuza iwayini edle nesinkwa embusweni kaBabawethu.

Mar 14:25  Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”

Ingabe kuzoba yilo lolo suku? Ngikholwa njalo mina.