Incwadi yomthetho isanesibopho namhlanje njengalokhu yayinaso ngezinsuku zikaJosiya

aposiwe UNcwa 01, 2018 Ngu Adrian Ebens ku Ivangeli elingunaphakade

Incwadi yomthetho isanesibopho namhlanje njengalokhu yayinaso ngezinsuku zikaJosiya

Posted Jul 24, 2018 by Ellen White in Statutes and JudgementsHits: 97

GCB, April 1, 1903


Ukufundwa komthetho, osekukhohlakele, kwabanomthelela omkhulu engqondweni yenkosi. Kwakhanya enkosini ukuthi kwakumele kwenziwe into ethile ukuba abantu baziswe ngalomthetho, nokuthi beqondisise ukuphila kwabo ngezimfundiso zalomthetho. Ngokwenza kwakhe wayefisile ukubonakalisa inhlonipho ngalomthetho. Wazithoba phambi kukaNkulunkulu, waklebhula izingubo zakhe.

.  
Njengenkosi, kwakungumsebenzi kaJosiya wokumisa ezweni lamaJuda izimiso ezazifundiswa yincwadi yomthetho. Lokhu wazama ukukwenza ngokuthembeka. Kulencwadi yomthetho wathola incebo yolwazi, ulwazi olungumsizi onamandla kakhulu enguqukweni. Akayibekanga eceleni lencwadi njengento eligugu kakhulu kunokuthi iphathwe ngezandla ezingafanele. Wabona ukuthi inhlonipho enkulu ayengayinikeza umthetho kaJehova kwakungukuthi aphenduke umfundi wemiyalezo okulomthetho, ngenkuthalo wafunda lemibhalo yamandulo, wanquma ukuthi ehambe ekukhanyeni okwakuvezwa kulemibhalo.  
    

Ngesikhathi lomthetho ubuqala ukufundwa phambi kwakhe, uJosiya waklebhula izingubo zakhe ukutshengisa abantu ukuthi naye wayephathekile ngoba wayengazi ngalencwadi ngaphambilini, nokuthi wayenamahloni  ecindezeleke kabi ngenxa yokwenza nemisebenzi yezandla zabantu, ngokweqa umthetho kaNkulunkulu. Njengoba wayebone ukukhonza kwezithixo ngaphambilini nokuswelakala kwenhlonipho kuNkulunkulu ophilayo okwakukhona phakathi kwabantu, waphatheka kabi kakhulu. Manje njengoba efunda encwadini yomthetho ngokujeziswa okwakuzolandela, wagcwala usizi olukhulu enhliziyweni. Ngaphambilini wayengazange wabona ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu usizonda kangakanani isono.

Usizi lukaJosiya aluphelanga ngesikhathi eqeda ukusho amazwi wokuzisola, noma ngokubonakalisa kosizi. Wehlisa inhliziyo yakhe ngokuzithoba okukhulu phambi kukaNkulunkulu, ngoba esazi ukuba ulaka lukaNkulunkulu lwaluzovuthela lendawo. Waklebhula inhliziyo yakhe, kanye nezingubo zakhe, ngenxa yokudelela okwakubonakaliswe ngabantu kuNkulunkulu odala izulu nomhlaba.  Wabona ukuthi umphumela walokhu wawuzoba muphi; Ukucasuka kanye nolaka lukaNkulunkulu lwaluzobonakala phezu kwabantu.  
 
                           Uphenyo nokuhlolisiswa kwaqalwa 

Inkosi ayivelanga yadlulisa konke lokhu njengento encane. Yanikela ngomyalezo kubapristi nabanye abasebenza ethempileni, “Hambani nignibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi alencwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi alencwadi ukwenza njengalokho konke okulothsiwe ngathi.”   
     UJosiya akazange wathi, “Mina ngangingazi ngalencwadi. Lesiyalezo yesamandulo, kanti nezikhathi seziguqukile.” [Abaningi namhlanje bathi izikathi ziguqukile nokuthi ngemva kwesphambano asisayidingi incwadi yomthetho] UJosiya wamisa amadoda ukuba ahlolisise, aphenye loludaba, lamadoda waya kuHulda, umprofetikazi. “Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: Usho kanje uJehova uthi: Bhekani ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela lendawo, ayiyikucinywa. Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, Ngenxa yokuba inhliziyo yakhe yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nagabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile usho uJehova. Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’” Babuyisela enkosini leli zwi.” 
     Ngezinsuku zikaJosiya izwi likaJehova lalinesisindo, kanti kwakumele lilandelwe ligcwaliswe ngokuqinile, njengalokhu lisakhulunywa. Nanamuhla lisanesibopho ngendlela efanoyo. UNkulunkulu uhlezi njalo eqinisile ezwini lakhe. Kwamele senze njani, thina esesinikezwe ukukhanya okungaka? Umthetho ubekiwe phambi kwethu njalo. Ngaso sonke isikhathi siyawuzwa ushunyayelwa. intukuthelo kaJehova iyakuvuthela lendawo, kanye nabantu bakhe [ulaka lwakhe lubonakaliswa ngokuvumela uSathane ukuba enze umsebenzi wakhe] ngenxa yokunganaki izwi lakhe. Ngesikhathi inhliziyo zethu zihlabeka kumele siye ezinyaweni zesphambano ngokuzisola okukhulu, lapho sikhuleke ngayo yonke inhliziyo yethu, sithi, “simelwe ukwenzani ukuba sisindiswe na? Singeza njani phambi kukaJehova na?” Bazalwane bami, masibuzeni masinya, kungakapheli isikhathi.